Usinde ngokulambisa eqolwa ‘uzakwabo’ okaMaskandi
Ukube akazange acabange ukubheka isitatimende sasebhange kuqala, ngabe uhlukane no-R8 000 uSakhiseni “Skhevane” Mseleku ocula kuBafana BakaMgqumeni.
Ngokwemibiko egcwele ezinkundleni zokuxhumana, uSkhevane uzithole eqolwa obezibiza ngoMkhulekelwa Mpungose.
UMkhulekelwa naye ungumculi kaMaskandi futhi ungumfowabo kaKhuzani Mpungose wodumo lwengoma ethi Ijele.
Uthi kuthe engazelele wathola ucingo luvela kozibize nguMkhulekelwa Mpungose wakubo kwaKhuzani.
“Ngibe sengithi cha ngiyakwazi ngomsebenzi wakho mfowethu,” kuchaza uSkhevane ngalesi sigameko.
“Sibe nezinsuku ezintathu sixoxa, sifonelana kukuhle nje futhi nami ngikhululekile ngoba ngazi ukuthi ngixoxa nozakwethu.”
Uthi kuthe ngoMsombuluko ekuseni wavuswa yiyo le nsizwa ebizibiz angoMkhulekelwa icela ayisize.
Uthi ithe izofaka imali kuye bese yena ayihambise kumuntu ebithenga kuye inkomo ngoba yona ixinnekile emsebenzini.
Ngemuva kwalokho nebala wangena ke umlayezo oshoyo ukuthi le mali engu-R8000 seyifakiwe ebhange lakhe.
Ugidelwe elakubo ke ngokuthi ngaphambi kokukhipha le mali ayihambise aqale ngokubheka isitatimende se-akhawunti yakhe.
OLUNYE UDABA: UKhuzani uzonandisa ekhonsathini kaJeffrey Osborne
Kulapho ke eshaqeke khona ethola ukuthi akukho mali engenile kwathi uma esefona efuna ukubuza kule ndoda, wathola ukuthi ucingo lwayo alusangeni.