Kuyagwazelwa nokufakwa kwemidlalo kumabonakude
Umlingisi wakuleli ongomunye wabanamava nabathandwayo ngababukeli bemidlalo kamabonakude, uHamilton Dlamini, usesole ukugwaza ngokumiswa kweDiep City.
Lo mdlalo owuchungechunge bewukhonjiswa kwiMzansi Magic ngo-8 ebusuku phakathi nezinsuku.
Kwashaqeka abaningi sewuvele uvalwa esikhaleni nje. Manje uDlamini – obelingisa kuwo lo mdlalo – usola ukugwaza.
Uthi usola ukuthi uphrojusa wawo, u
“Ikhona i-cold drink… Yomdlalo oneziqephu ezingu-13, kuyakhokhwa impela,” kusho lo mlingisi.
Ubekhuluma kwiPodcast kaDavid Mashabela ongmsakazi weRadio 2000. Le Podcast ibizwa ngeKing David Podcast.
“Kungaba umdlalo oneziqephu ezingu-13 noma i-telenovela (owuchungechunge), ‘dilika (igama lesitsotsi elisho ukukhokha), uma ungadiliki, siyayivala’.
UMashabela ube esembuza ukuthi ngabe ngalokhu usho ukuthi ababukeli basuke bebuka imidlalo efakwe ngoba ‘ikhokheliwe’.
“Impela. Mina ngize ngisole nokuthi uMandla akalungisanga, ungayivala kanjani iDiep City imnandi kangaka?
“Abantu bebeyithanda, izinombolo (zokubukwa kwayo) zizinhle… Gaxa, yavalwa kanjalo.
“Sasala sibukana sodwa, sibuzana ukuthi yini embi esiyenzile ngoba lo mdlalo muhle nje impela. Kanti hhayi akakhanyisanga, inkinga i-cold drink.
“I-cold drink iyasibulala yonke indawo. Kumanje asinawo umdlalo onamandla obukwayo.
“Umkhokha awunazo izinombolo (zababukeli) ezinhle.” Babe sebenza umzekelo ngeqembu lebhola elikhokhela unompempe ukuze liwine umdlalo.
OLUNYE UDABA: Owayesakaza kwiGagasi ukhala ngamadoda amfuna ‘igqe’
Bathi noma selikhokhile, kodwa kumele lishaye amagoli ukuze linqobe, uma lihluleka, kube sekucaca ukuthi khona okushaya amanzi.