Akungabathusi abantu ubuntombi
Akayinambithi kahle eyokuthi abantu bamangazwa ubukhona bezintombi noma amatshitshi esikhathini samanje uNothando Gabela osezakhele udumo ezinkundleni zokuxhumana ngamavidiyo akhe okuqhakambisa ubuntombi.
UNothando owaziwa kakhulu ngelika G Force, uthi “Angiyizwa kahle eyokuthi siyindlu emnyama sesithuswa ukuthi uyintombi kunokuthi awuseyona”, U-G uqhube ngokuthi uyaziqhenya ngesinqumo sakhe sokuba intombi ngoba simunike ithuba lokwakha ubudlelwane obukhethekile nezinye zezintombi nokuphinde kwamenza wazibona engowesifazane onamandla ikakhulukazi esikhathini samanje.
Ube esephetha ngokuthi kuyisifiso sakhe ukubona ubuntombi buhlonishwa buphinde buqhakambiswe ngaso sonke isikhathi hhayi ngenyanga kaMandulo kuphela ngoba sekulungiselwa ukuya eMhlangeni, njengoba kuyaye kwenzeke ukuthi abantu bakhumbule izintombi ngoba sebenza amahlaya uma sekusondele izinsuku zokuya esigodlweni.