Baningi othisha abangase balahlekelwe imisebenzi
Lingaphezulu kuka 2000 inani lothisha abangahle balahlekelwe imisebezi esifundazweni sase Western Cape uma kuqala unyaka ka 2025, kulandela ukuthi umnyango wezeMfundo kulesifundazwe ukhiphe umbiko wokuthi ngenxa yokushoda kwezimali ngeke basakwazi ukugcina othisha emisebenzini.
uNgqongoshe wezeMfundo kulesifundazwe uDavid Maynier, uthe njengesifundazwe bakwenza konke okusemandleni ukuqanda lesi simo kodwa imbangela yokushoda kwezimali kubangelwa ukwehliswa kwemali isifundazwe esiyikwe uMnyango wezemfundo. Imali etholwe ilesifundazwe yehle ngemali engango R3.8 bhiliyoni.
U Maynier uqhube ngokuthi njengesifundazwe sebethathe isinqumo sokumisa zonke izinhlelo ezihambisana nokuqahswa kothisha abasha njengoba besazama ukubhekana nalendaba yezezimali.
Kanti lesifundazwe akusona kuphela esibhekene nalenkinga njengoba isifundazwe saKwaZulu Natal naso singakwazi ukuvala izikhala zothisha abalinganisekwa ku 11 000 kanye naseGoli okuphoqe ukuthi linciphise ezinye zezinhlelo zokuthutha abafundi ngenxa yesimo sezimali.