Akazisoli ngomshado omushintshe ubuyena uLebo Keswa
Uthi akazisoli ngezinqumo azenze emshadweni wakhe uLebo Keswa obeshade nosaziwayo uLetoya Makhene owaziwa kakhulu ngelika Tshidi kuGenerations. ULebo obekhuluma kwi Podcast ebizwa nge Engineer your life, uchaze isiqalo sobudlelwane bakhe noLetoya njengenye yezinto ezinhle ezenzeke empilweni yakhe. uKeswa uthi Akazisoli nangesisodwa isinqumo asithathile esemshadweni wakhe ngoba ubezithathiswa uthando futhi zamujabulisa esazenza.
Ngokuqhubeka kwalendaba uLebo uveze ukuthi kuyamthusa ukuzwa izinto ezikhulunywa nguLetoya ngaye ngoba ziningi kakhulu izinto amenzele zona ezinye ezimenze wakhohlwa ukuzikana yena, njengokuthi ubemuthengela amaphenti okugqoka kodwa yena engenawo njengoba ebeqala ukuthenga amaphenti ngemuva kweminyaka emine ngoba esehlukene noLetoya.
UKeswa ugeqe amagula echaza ngempilo egcine ingemnandi emshadweni wabo nathi ibangelwe izinqumo ezithathwe uLetoya ngoba ezicabangela yena yedwa.