“Bantwana basekhaya asigqoke”
Akhula ngesivinini amagalelo ka Bafana Mthembu kwezemfashini kuleli njengoba esethole ithuba lokusebenzisana nesitolo sabagqokisa abesilisa uMarkham njengomunye abazoveza isitayela kanye nemfashini ngendlela yesimanje.
UBafana odume kakhulu ezinkundleni zokuxhumana ngendlela ahlanganisa ngayo ugodo nesitayela sesimanje, usehehe amehlo abaningi kwezemfashini nokumuvulele iminyango eyehlukene kulendima. Ekhuluma nabezindaba ngaphambili uMthembu uveze ukuthi akaqalanga ngokufaka amavidiyo okugqoka njengamabhica kwezokuxhumana kodwa waqala ngokwenza awezikhothane kanye namapanstula kodwa awamabhinca iwona akhombisa ukuthandwa kakhulu abantu nokumenze wagxila kuwona.
Unyaka ka2023 iwona obe unyaka wezinguquko empilweni kaBafana njengoba igama lakhe belingapheli kubantu ezinkundleni nokumlethele amathuba okusebenza namagama aphezulu kwezikaqedisizungu kanye nemfashini.