Usabela impilo yakhe owayengumlingisi kwiSibaya
Uthi usesabela impilo yakhe kanye nabantwana bakhe uGcina Mkhize owaziwa kakhulu ngendawo ka Mam’Khanyi emdlalweni owuchungechunge Isibaya. Lokhu kuvele ngesikhathhi kusabalala ividiyo ezinkundleni zokuxhumana kaGcina ebalisa ngosizi aphila ngaphansi kwalo emuva kokuphelelwa itoho.
Kule vidiyo kubonakala uGcina emile phambi kwendlu evalwe ngezindwangu eziphephukayo, nathi ulale kuyo ivulekile kanjalo ngenxa yomuntu obahlukumezayo yena nezingane zakbhe, uqhube ngokuthi lona wesilisa angamudalulanga igama uyamusongela ukuthi aphume kulendlu.
Ngokuqhubeka kwale vidiyo uGcina uyaveza ukuthi akanqabi ukuphuma kodwa udinga isikhathi esanele ukuze akwazi ukuhlela kahle izinto zakhe njengoba engawatholi amatoho, nangazi ukuthi kudalwa yini. Ube esenxusa abantu bakuleli kanye nosopolitiki ukuthi bangenelele kulenkinga abhekene nayo ngoba usesabel ngisho impilo yakhe nabantwana bakhe.