AmaGrootman, omalume be soft life
Impilo ibaphethe kahle, amabhizinisi ahamba kahle kodwa basafuna amanye amathuba kwezezimali kanye nakwezothando. Abesilisa abayisithupha (6) base Port Shepstone abaziwa ngokuthi “Omalume be soft life” bazothola uhlelo oluzoveza impilo zabo njengama Grootman.
Uhlelo ama Grootman kulindeleke ukuthi luqale mhla zingu 24 kuMfumfu (October) kuMzansi Magic. Andile Khumalo, Bheki Hlophe, Busani Ndwalane, Bonga Madlala, Mpho Mbili kanye no Jackie Ngcobo abangani okulindeleke ukuthi bavele kuloluhlelo oluzobe luthatha abakuleli libabeka esithombeni ngokuphelele ukuthi labo abanemali eyanele ukwenza impilo ibe lula babhekana kanjani nezinkinga zabo empilweni yansuku zonke.
Loluhlelo okungelokuqala kumabonakude ukukhombisa impilo yabesilisa abazaziyo izindaba zabo, bebhekana nempilo njengoba bekujwayele ukuthi kube abesifazane abafakwa ezinhlelweni ezinje.