Ayenzanga kahle ezibalweni zababukeli iQueen Modjadji
Awekho amathemba okubuya kwesigaba sesibili somdlalo kamabonakude iQueen Modjadji, Lolu hlelo bekulindeleke ukuthi lubalwe nezinye zezinhlelo ezihamba phambili kumabonakude alubanga nalo ugazi njengoba luhlulekile ukubalwa nezinhlelo ezingu 30 ezibukwa kakhulu kuleli ngenyanga kaNcwaba (August.)
Lomdlalo oqale ukuvela kuMzansi Magic ngenyanga kaNtulikazi (July) uqoshwe ngolimi olubizwa nge Khelobedu/Selobedu olungekho kulezilimi ezingu 11 ezikhulunya abakuleli, kodwa liyasetshenziswa kakhulu eVhembe kanye naseMopani eLimpopo, abaningi baliphambanisa neSepedi. Kanti lomdlalo oluchungechunge kuzodlala isiqephu sokugcina mhla zingu29 kuMandulo (September) 2024. Kusenjalo iSibongile and the Dlaminis yona ihamba phambili ngababukeli kuMzansi Wethu, Lomdlalo okhuluma ngempilo kaSbongile Mbambo ongemsebenzi wasendlini kaDlamini ofuna okushistha impilo yakhe