Abalingisi

Kujabuke abaningi kubuya iQueendom

Kuchwaze izinkundla zokuxhumana ngesikhathi kuqhubeka umdlalo kamabonakude iQueendom edlala kuBet 129. Lomdlalo owuchungechunge kwaphela isigaba sokuqala sawo abalandeli bawo bengalindele nesiphetho sawo esabashiya benemibuzo eminingi ngenxa yesiqephu sawo sokugcina kanjalo nabahebezi okuthi kunabalingisi abekade bengeke besabuya. Isiqephu sokuqala sesizini yesibili siqalile ngoMsobuluko mhla zingu23 kuMandulo (September), lesiqephu siqhubeke lapho kwagcina khona nokuyinto ejabulise kakhulu abalandeli balomdlalo.

Lomdlalo owuchungechunge ubophele izintandokazi zakuleli nokulindeleke ukuthi ziwushukimise ngenxa yombango wobukhosi basoKhahlamba.