EzintshaIzindaba

Akasekho emhlabeni umculi wokholo

Ushonile umculi wowokholo, uSolomon Molokoane, odume ngelikaSolly Moholo. Izindaba zokushona kukaMoholo zimenyezelwe ngabaphathi bakhe ngoLwesithathu ngesitatimende.

“Kubuhlungu kakhulu ukunazisa egameni lomndeni wakwaMolokoane, okungumndeni kaSolly Moholo, ukuthi isilomo sethu esimthandayo ‘Solly Moholo’ sidlule emhlabeni kabuhlungu. UMoholo kubikwa ukuthi udlule emhlabeni ngo-Okthoba 2 2024 esesibhedlela. Kulandela ukulaliswa esibhedlela ngemuva kokugula kulandela uhambo lwakhe lwangaphambi kokwethulwa kwe-albhamu eBotswana.

Okubhalwe kulesitatimende kufundeka kanje, “UMoholo uzomkhunjulwa kakhulu, Uhleko lwakhe aluqhubeke lunanela izindonga zezulu. Masimkhumbule kakhulu ngomculo ophilisayo asinike wona eminyakeni edlule. Ngalesi sikhathi, umndeni ungathanda ukucela ukuba unikezwe isikhathi sangasese. Siphinde sibe nesikhathi sokukhalela ukudlula kukaBaba Solly Moholo silungiselele ukungcwatshwa kwakhe,”

Ngo-Agasti abaphathi bakhe bakhipha isitatimende esiveza ukuthi kuzodingeka ukuthi ahlinzwe maduze, isitatimende ebesilandela leso sibe sesiveza ukuthi impilo yalomculi iyathuthuka.