UDuma uthi ingaphezu kuka kuka-R4 billion ebekelwe ukwakhiwa kwemigwaqo.
UNGQONGQOSHE wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma, usekhiphe isexwayiso esishubile kwabafuna ukuba yizigebengu ezizozama ukuvimba uhlelo olusha lokwakhiwa komgwaqo ka-R1 billion kuMasipala waseMdoni.
Ngemuva kokwethula lolu hlelo ngoLwesibili, uDuma uthe, “Senze isibophezelo esiqinile sokuthi sizobhekana nezigebengu ezizama ukumisa noma ukuphazamisa umsebenzi wokulungiswa komgwaqo u-P22/1 kuMasipala waseMdoni.”
I-KZN ibiphakathi kwezifundazwe ezibone ukwanda kwezibalo zamaqembu okwakha, okubhekiswe kumaphrojekthi kahulumeni nezizimele ukuze kubuyiselwe ingxenye ethile yomsebenzi owabelwe osonkontileka.
UDuma uthe: “Emasontweni edlule sihlangane noNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Senzo Mchunu kanye noLt General Nhlanhla Mkhwanazi, saqinisa yonke imizamo yokuqinisekisa ukuthi yonke imisebenzi yokwakhiwa kwemigwaqo ihlomulisa imiphakathi yendawo ngaphandle kokuphazamiseka.
Wengeze wathi: “Sizimisele ngokuqina, ngoba asifuni ukwakhiwa kwemigwaqo isikhathi eside, njengoba imiphakathi ingasakwazi ukulinda okungokwabo.”
UDuma uthe uMnyango wakhe ubeke eceleni u-R215 million ukuze kuqinisekiswe ukuthi osomabhizinisi bakuleli ababalelwa ku-47 abasemkhakheni wokwakhiwa kwemigwaqo bayahlomula kwisabelomali sika-R1 billion salo msebenzi.
Bangaphezu kuka-150 abantu abazoqashwa emphakathini wendawo, esho.
“NjengezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu sinesabelomali esingaphezu kuka-R16 billion njengoba sethule ngesonto eledlule. Siyayilungisa kabusha indlela yethu yokuqinisekisa ukuthi osomabhizinisi bakuleli abasafufusa bayanikezwa amathuba ngesikhathi sokwethulwa kwengqalasizinda,” kusho uDuma.
UDuma ojutshwe njengoNgqongqoshe wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu ngoJuni nguNdunankulu uThamsanqa Ntuli, uthe umnyango wakhe uzosebenzisa u-R8.7 billion ukulungisa ingqalasizinda yezokuthutha onyakeni wezimali ka-2024/25.
Kulokhu, u-R3.7 billion uzofakwa ekwakhiweni kwemiklamo emisha yengqalasizinda ehlanganisa imigwaqo namabhuloho.