Konke sekumi ngomumo ngezivivinyo zikaMatikuletsheni
Konke sekumi ngomumo ngohlelo lokubhalwa kwezivivinyo zokugcina zikamatikuletsheni zika-2024. ICouncil for Quality Assurance in General and Further Education and Training (Umalusi) ithe amaphepha emibuzo yezivivinyo zeNational Senior Certificate (NSC) asehloliwe agunyazwa.
Umalusi uthe wonke amaphepha emibuzo ahlangabezana nezidingo zenhlangano eqinisekisa ikhwalithi.
UMnyango wezeMfundo eyisiSekelo (DBE) kanye noUmalusi bebekhuluma ephalamende. Bebecobelela ikomiti elibhekelele imfundo eyisisekelo ngesimo sokulungela izivivinyo zokugcina zika-matric. Izivivinyo ziqala ngo-Okthoba 21.
Umqondisi omkhulu wokuhlolwa kukazwelonke nezivivinyo zomphakathi, uDkt Rufus Poliah, ukuqinisekisile ukulungela. Uthe amaphepha emibuzo angu-162 agunyazwe wu-Umalusi ukuthi abhale izivivinyo zeNSC ka-Okthoba/Novemba 2024 aseqediwe ngakho aselungele ukudluliselwa ezifundazweni.
UPoliah ubike ukuthi bangu-732, 448 abafundi ababhalise ngokugcwele izivivinyo ze-NSC. Lokhu kungaphezu kuka-8,400 kunango-2023. Kanti iKwaZulu-Natal inabafundi abaningi abenza uGrade 12 njengoba bengu-172 213, Bese iGoli libambe indawo yesibili ngesibalo sabangu-136, 620. Izivivinyo zika-matric zizophela ngoNovemba 28. Imiphumela izokhishwa ngungqongqoshe ngoJanuwari 15, ikhishwe ezifundazweni ngoJanuwari 16