Izindaba

Ummeli kaKodwa uthi amacala ombuso antekenteke

OwayenguNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko, uZizi Kodwa, ufake isicelo sokuthi ahoxiswe amacala enkohlakalo abhekene nawo. UKodwa uthi udaba lombuso “lubuthaka”.  Lokhu kudalulwe ngummeli kaKodwa uZola Majavu ngoLwesine ngesikhathi kuqhubeka icala eNkantolo eNkulu yaseGoli ehleli eNkantolo yeMantshi yasePalm Ridge.

UKodwa nomngani wakhe nalowo asolwa naye uJehan Mackay bavele kafushane enkantolo ngoLwesine. UMackay ungumqondisi weTactical Software Systems (TSS). Uphinde abe yisikhulu esiphezulu se-Enterprise Outsourcing Holdings (EOH).

Ekhuluma ngaphandle kwenkantolo, uMajavu okungummeli kaKodwa uchaze isicelo sekhasimende lakhe. Uthe uKodwa waletha izethulo zokuthi ahoxiswe amacala akhe ngoba icala lombuso elibhekene naye lintekenteke.

“Kukhona okungahambi kahle odabeni lombuso. Icala lombuso elibhekene neklayenti lami libuthaka ngendlela emangalisayo. Izethulo zethu zisekelwe ephutheni lezindlela odabeni lombuso. Iklayenti lami lalingekho kuhulumeni ngesikhathi kwenziwa amacala elisolwa ngawo, Ubengumkhulumeli weqembu elibusayo okwenzeka kuhulumeni” kusho uMajavu.

Bobabili uKodwa noMackay basolwa ngokubandakanyeka ezenzweni zenkohlakalo ezibandakanya ukugwazelwa ngemali engaphezu kuka-R1.6-million.

Umbuso uthi uKodwa wanxeshezelwa ngokungenelela kwakhe ezinhlelweni zokuthengwa kwempahla kukahulumeni. Lokhu kwenzeka ngesikhathi engumkhulumeli we-ANC kusukela ngo-Ephreli 2015 kuya kuFebhuwari 2016. Lezi zinxephezelo zazihlose ukuthuthukisa iMackay, i-TSS, ne-EOH ngezinkokhelo kanye nezindawo zokuhlala ezinomsoco. Izinxephezelo zibize ngaphezu kuka-R1.6-million.

UKodwa noMackay bangaphandle ngebheyili ka-R30 000 umuntu ngamunye. Babhekene namacala okuphula umthetho iPrevention and Combatting of Corruption Act kanye nenkohlakalo.