Akukhona okokuqala Ukhozi FM lwenqaba izingoma zakhe ezisuse umsindo.
Ngasekuqaleni kweminyaka yawo-2000 uPhuzekhemisi wazithola esenxapha nowayenguNdunankulu waseKZN ngaleso sikhathi, uLionel Mtshali, ngesikhathi ekhipha ingoma yakhe esihloko sithi, Amakhansela, nayo eyachithwa yilo msakazo.
Lo mculi, oseneminyaka engu-36 esendimeni yomculo, utshele abezindaba ukuthi ucula ngokwenzeka eduze kwakhe ngaphandle kokwesaba nokuchema.
“Ukhozi FM seluzichithile izingoma zami eziningi kodwa kulokhu nginqume ukuyilungisa kabusha le ngoma ngendlela abathe angiylungise ngayo ukuze idlalwe, kodwa akusho lutho ukuthi ingoma idlala emsakazweni noma cha, ngoba umyalezo obalulekile ukuthi ufike kubantu” kusho yena.
Ngo-1991 wakhipha ingoma eyashisa izikhotha ethi, Imbizo. Kusukela lapho izingoma zakhe zike zaba nengxabano njengoba enesibindi sokugxeka labo abaphethe. Imbizo iphinde yagxeka abaholi bendabuko abaphoqa izikhonzi zabo ukuthi zikhokhele umhlaba.