Uthole ibheyili ka R5 000 uNota kwelokudlwengula
Uthi uthole ukuphefumula umndeni ka “Nota” Baloyi ngemuva kokuthola ibheyili ka-R5 000. Lemenenja yamaciko ivele eNkantolo yeMantshi yaseRandburg mayelana necala lokudlwengula elifakwe ngumlingisi u-Itumeleng Bokaba.
UDeben “DN” Baloyi okunguyise kaNota uzwakalise ukujabula ngokuthi indodana yakhe iyitholile ibheyili kanti akasakwazi ukulinda ukuthi kuvezwe ukuthi indodana yakhe imsulwa.
Uyise ubenaye esiteshini samaphoyisa eRandburg ngesikhathi uNota ezinikela emaphoyiseni ngoLwesihlanu.Uphinde wakwenza kwacaca ukuthi wahamba nomkakhe beyobheka ukuthi unjani ngesikhathi eboshiwe, babekhona lapho eqala ukuvela enkantolo.
UNota uveze ukuthi yize umndeni wakhe wamuvakashela ngesikhathi eboshiwe kodwa kwakunzima futhi kungajwayelekile ngenxa yezimo abamubona ngaphansi kwazo.