EzintshaIzindaba

UVuyokazi  Nciweni akakutholi ukuphuma kwezothando

KUNGENZEKA ukuthi isihlabani sikamabonakude iReality, uVuyokazi Nciweni, ulume kakhulu kunalokho ebesingakuhlafuna ngemuva kokushada kungakapheli sikhathi esingakanani ehlukene noMpumelelo Msekelu onguyise wezingane zakhe ezimbili. Udaba lokwehlukana kwakhe kumabonakude, lapho uMseleku enqabile ukwenza uNciweni unkosikazi wakhe wokuqala wathi ufuna ukushada intombi nto kuqala ngaphambi kokuthi ashade nomama bakhe ababili.

UNciweni wahlangana noChef uXolani Sabelo owamkhokhela amalobolo wamenza unkosikazi wakhe wokuqala. Nakuba abantu abaningi babecabanga ukuthi uNciweni wayeshesha ukuqhubekela phambili futhi kwakufanele azinike isikhathi ukuze alulame futhi azithole eseshonile, isihlabani se-“Izingane Ze’sthembu” sasingenandaba nemibono yabo ngempilo yaso yothando. Wayefuna ukuba unkosikazi futhi umpheki wamnika lokho

Nokho kubukeka sengathi kunezinkinga epharadesi ngemuva kokuthi umdidiyeli wodumo ku-Instagram, uSbusie Phoswa, efake izingxoxo zangasese Phakathi kwakhe  nomyeni kaNciweni.

USabelo uthumelele uPhoswa umyalezo ku-Instagram emtshela ukuthi ufisa engabe wamumkhetha. Emuva kokuthi uPhoswa efake inkulumo yabo, uSabelo uphinde wamthumelela umyalezo, emncenga ukuthi azisuse ezinkundleni zokuxhumana.