Uzodlala kwifilimu entsha uNozuko wodumo lweDiep city
UNozuko Ncayiyane, odume ngendawo ayidlalayo ku-DiepCity, udlala indima enkulu efilimini entsha ye-Showmax, ethi, M’tase Khaya, engagcini ngokuveza ubunzima bokuzalana kodwa ebuye ikhanyise ngamandla angapheli kanye nokuqina okutholakala ebudlelwaneni bomndeni.
UM’tase Khaya uxoxa ngodaba olubuhlungu lukaLindiwe olingiswa nguNcayiyane olibangise eGoli eyosiza udadewabo uBongiwe odlalwa ngu-Amanda Seome oboshwe kungafanele.
Ekhuluma ngale filimu, uNcayiyane uthi unethemba lokuthi abantu bayakubona ukubaluleka kobudlelwane bomndeni kanye nobunzima bokuzalana odade. “UM’tase Khaya uveza amandla odade,”