“Impilo yami iyangimangalisa nsuku zonke” -Lwa Ndlunkulu
ULwah Ndlunkulu, intombazane yase-KZN esenyakatho yedolobhana laseHluhluwe, echwazisa abantu ngomculo wayo .Lo mculi we-Afro-pop ogama lakhe langempela nguLwandile Mtshali eminyakeni emine edlule udle umhlanganiso kwezomculo ngezingoma ezithi Umuzi eSandton, Ngiyeza nethi Ithuba.
Kodwa ngaphambi kodumo nenkazimulo, lo mculi oneminyaka engu-24 ubudala wasebenza njengoweta, kamuva wajoyina i-Hillbrow Radio 24/7 njengomuntu osemoyeni.
UNdlunkulu ngesikhathi ephawula ngohambo lwakhe emculweni uthe, “Impilo yami iyangishaqisa nsuku zonke, impumelelo yami iyamangalisa kakhulu, uma ubungangitshela eminyakeni edlule ukuthi lokhu kuzoba impilo yami, bengingasho ukuthi uqamba amanga” eqhubeka nalengxoxo uveze ukuthi ukucula ukuqale nomkhulu wakhe okunguyena owamenza wathanda kakhulu uMaskandi nophinde wamucija kakhulu uma kukhulunywa ngomculo wesintu.
Uphethe ngokuthi ngesikhathi ejoyina inkampani ka Big Zulu Inkabi Records wayengalindele ukwamukeleka ngemfudumalo ayithola kulendima kodwa kuyamjabulisa ukuthi ufeza iphupho lakhe.