Abaculi

Uhlela indumezulu ukujabulisa abalandeli

Omunye wabaculi besifazane abahlonishwayo, uMsaki, uzophatha uhlelo eTswane Bet Arena ukubungaza ingqophamlando endimeni yezokungcebeleka. Umculi osinikeze ezakudala ezifana no-Ubomi Abumanga, Khusela, nabanye abaningi uzophatha ikhonsathi ye-Camagu Symphony ngoDisemba 12 enkundleni elayisha abantu abangu-8,500.

Lo mculi uthi le khonsathi iyindlela yakhe yokubonga abalandeli bakhe ngothando olungapheli abalubonise kuye eminyakeni edlule. “I-Camagu Symphony incwadi yami yothando kulolu hambo kanye nabantu akade beyingxenye yalo. Imayelana nokuhlonipha iphupho enganginalo ngami futhi manje, ekugcineni ngilibona lifezekile,” kusho lo mculi.

Kulindeleke ukuthi abanye babaculi aseke asebenzisana nabo okubalwa kubo uSimmy, Black Motion, kanye noSun E.L. babe ingxenye yalolusuku. Ku-Instagram wakhe, uMsaki umeme abalandeli bakhe ngombhalo awubhale ku Instagram.