AbalingisiEzintshaIzindaba

Bathi akalenzanga iqiniso owoThando Nes’thembu.  

UMnuz Musa Mseleku woThando Nes’thembu kusolwa ukuthi ukweleta labo abenzisana nabo uZakhele Gumede noMusa Ntsebesha u-R200 000. Baphinde bathi wabathembisa u-2% wobunikazi enkampanini kaMseleku, iThanks Ma.

Lo R200 000 bekuwumsebenzi wabo wokusiza uMseleku asungule inkampani yakhe, UThando Nesthembu. UNtsebesha udalule uMseleku kuDaily Reports Platform Podcast konke okwenzeka ngaphambi kokuvela koThando Nesthembu kumabonakude.

UNtsebesha uthi bahlangana noMseleku kanye nomunye wamakhossikazi akhe uThobile Mseleku komunye woMasipala bendawo, nokuyilapho baqala khona ukukuxoxa baze bafike ne show ngonyaka ka 2016.  “Wangitshela ngombono UThando Nesthembu, kodwa wayekuthola kunzima ukuwususa phansi. Futhi wayefuna ukwenza umbukiso ongokoqobo (Reality show) kodwa wayengenawo amakhono afanele okwenza lokho”

Ngesikhathi eqhubeka nengxoxo yakhe uNtsebesha uthe, emhlanganweni wokuqala ababanawo noMseleku wabathembisa izulu nomhlaba wase ebanika imibandela yokuthi bazothola amsheya a 2% eproduction company iThanks Ma.  

Izinkinga zaqala lapho sebesitholile isivumelwano sokusebenza no M-Net.  “Ngemva kwaleso simemo, akazange akhulume ngesivumelwano. Angazi kahle ukuthi uthathe bani ukuze asayine, ngoba wangishiya noGumede”

“Angizange ngikulandele lokhu ngoba ngangazi ukuthi sesivele sinesivumelwano naye.”

Ephetha uthe yize izinkinga zabo zaqala ngo season 1, abakwazanga ukushiya ngenyxa yokuthi basebefake isikhathi sabo esiningi kulomsebenzi futhi babezitshela ukuthi uzosigcina isithembiso ngoba babemethemba.