EzintshaIzindaba

Isilo uMisuzulu uzokhuluma kowe King Dinuzulu Legacy.

ISilo uMisuzulu kaZwelithini sizokwethula inkulumo enkulu eMiddelburg, eMpumalanga, lapho kwakhothamela khona iSilo uDinuzulu eminyakeni eyi-111 edlule.

Lomcimbi waminyaka yonke ohlelwa yi- Afri Forum kuzoba ngokokuqala kukhuluma isilo uMisuzulu kaZwelithini.

Undunankulu wesizwe samaZulu uThulasizwe Buthelezi uthe: “Lo mcimbi uhlelwe yi-AfriForum futhi kuhloswe ngawo ukuhlonipha iSilo uDinuzulu esachitha iminyaka yokugcina yokuphila kwakhe e-Uitkyk farm, eMiddelburg.

“Lo mcimbi uzophinde uqinise amaxhama okubambisana kwezamasiko phakathi kwesizwe samaZulu namaBhunu.”

Ngesikhathi kugujwa isikhumbuzo nyakenye, uBarend Uys, inhloko yezobudlelwane phakathi kwamasiko nokusebenzisana kwa-AfriForum, uthe ubudlelwano obuhle phakathi kwemiphakathi yamasiko okusekelwe ekwazisweni nokuhloniphana bubalulekile ukuze kuqinisekiswe ikusasa elikhululekile, eliphephile neliqhakazile lezingane zawo wonke amasiko emiphakathi.

INgonyama iyaqhubeka ezinyathelweni zikayise ukwakha ubudlelwano obuqinile nomphakathi wamaBhunu. Ngasekupheleni kwempilo yakhe, iSilo esingasekho uGoodwill Zwelithini sancoma ukuhlanganyela nenhlangano elwela amalungelo amaBhunu ukuphikisa ukudliwa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo.