Uncle Vinny usebuyele kwezomculo
U-uncle Vinny ubuyela kwezikaqedisizungu ngemuva kweminyaka emibili yekhefu abelithathile ukubhekana neMental health yakhe ngemuva kokushona kwalowo owayengumeluleki wakhe uRicky Rick.
UVinny oneminyaka engu-22 ubudala, ogama lakhe langempela uKabelo Vincent Mpofu, ubesebenza kanzima e-studio no-DJ Maphorisa. Ngesikhathi ekhuluma ngekhefu alithathile uthe ngo-2022 wazithola ebhekene nosizi nokudabuka ngemuva kokushonelwa abangani bakhe abane.
“Kuyangijabulisa ukuphinde ngiziveze njengomculi ozenzela owakhe umculo. UMaphorisa ungigqugquzele ukuthi ngibuyele emdlalweni. Wangitshela ukuthi ukholelwa kangakanani ku- Vinny nokuthi ngingawabeka kwelinye izinga amapinao,” kusho uVinny.
“Ukusebenza noMaphorisa kube yinto ehloniphekile. Wathatha isikhathi sakhe waqinisekisa ukuthi konke kuyangisebenzela. Sisebenze ngezingoma ezine ku-EP yami yokuqala. Abaculi abakuwo ngo-Anatii, Mello & Sleazy nomfana wami u-LeeMckrazy.
UVinny uthe ngemuva kwaleso sikhathi eside sokuzabalaza nosizi, manje usekulungele ukuthatha izintambo emhlabeni jikelele, futhi unethemba lokuthi I Ep azoyikhipha isezingeni elicokeme.